1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yisho kwabakwa-Israyeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo.
3. UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’
4. Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.
5. Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: “Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?”
6. Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe.
7. Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.
8. UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.
9. AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni.
10. UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.