3. UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.
4. Namuhla niyaphuma, ngenyanga ka-Abibi.
5. Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.
6. Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngolwesikhombisa kube khona umkhosi kaJehova.
7. Isinkwa esingenamvubelo siyakudliwa izinsuku eziyisikhombisa; akuyikubonakala sinkwa esivutshelweyo kuwe, kungabonwa namvubelo ezweni lakho lonke.
8. Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: ‘Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.’
9. Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.
10. Ngakho uyakuwugcina lo mthetho ngesikhathi sawo iminyaka ngeminyaka.
11. “Kuyakuthi lapho uJehova esezakukungenisa ezweni lamaKhanani, njengalokho wafunga kuwe nakoyihlo, akuphe lona,
12. wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba ngakaJehova.