U-Eksodusi 12:47-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. Ibandla lonke lakwa-Israyeli liyakukugcina lokhu.

48. “Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.

49. Mawube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.”

50. Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

51. Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.

U-Eksodusi 12