U-Eksodusi 12:42-48 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo.

43. UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli;

44. kepha zonke izigqila ezithengwa ngumuntu ngemali mazilidle, uma zisokiwe.

45. Izihambi noqashiweyo mabangalidli.

46. “Liyakudliwa endlini inye; ungaphumisi lutho lwenyama ngaphandle kwendlu; ningaphuli thambo lalo.

47. Ibandla lonke lakwa-Israyeli liyakukugcina lokhu.

48. “Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.

U-Eksodusi 12