U-Eksodusi 12:32-48 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.”

33. AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.”

34. Abantu base bethatha inhlama yabo ingakavutshelwa, nezingqwembe zabo zokuxova isinkwa, ziboshwe ezingutsheni zabo emahlombe abo.

35. Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.

36. UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.

37. Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.

38. Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.

39. Ngenhlama abaphuma nayo eGibithe benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe, lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.

40. Ukuhlala kwabantwana bakwa-Israyeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu.

41. Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.

42. Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo.

43. UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli;

44. kepha zonke izigqila ezithengwa ngumuntu ngemali mazilidle, uma zisokiwe.

45. Izihambi noqashiweyo mabangalidli.

46. “Liyakudliwa endlini inye; ungaphumisi lutho lwenyama ngaphandle kwendlu; ningaphuli thambo lalo.

47. Ibandla lonke lakwa-Israyeli liyakukugcina lokhu.

48. “Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.

U-Eksodusi 12