31. Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.
32. Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.”
33. AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.”
34. Abantu base bethatha inhlama yabo ingakavutshelwa, nezingqwembe zabo zokuxova isinkwa, ziboshwe ezingutsheni zabo emahlombe abo.
35. Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.
36. UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.