U-Eksodusi 12:13-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.

14. “ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.

15. Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.

16. Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele; kungasetshenzwa ngazo, kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.

17. “ ‘Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.

18. Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.

19. Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni.

20. Ningadli lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.’ ”

21. UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.

22. Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

23. Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.

24. “Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.

25. Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.

26. Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’

U-Eksodusi 12