U-Eksodusi 12:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni ezweni laseGibithe, ethi:

2. “Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini.

3. Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

4. uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.

5. Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini;

6. niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.

7. Bazakuthabatha igazi, balibhece ezinsikeni zombili zomnyango nasekhothameni lomnyango ezindlini abayakulidlela kuzo.

8. Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

9. Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.

10. Ningashiyi lutho kuze kube sekuseni; kepha okusele kulo kuze kube sekuseni nizakukushisa ngomlilo.

11. Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova.

U-Eksodusi 12