4. UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;
5. amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.
6. Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.
7. Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.
8. Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka.
9. Wayesethi uJehova kuMose: “UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.”
10. OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.