U-Eksodusi 10:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.”

18. Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.

19. UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.

20. Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.

21. UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”

22. UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.

23. Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.

24. UFaro wambiza uMose, wathi: “Hambani nimkhonze uJehova, kusale kuphela izimvu zenu nezinkomo zenu; izingane zenu zingahamba nani.”

25. Wathi uMose: “Wonikela esandleni sethu imihlatshelo neminikelo yokushiswa, ukuze sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.

26. Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi; akuyikusala nanselo, ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.”

27. Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.

28. UFaro wathi kuye: “Suka kimi, uqaphele ukuba ungabuboni ubuso bami futhi; ngokuba mhla ubona ubuso bami, uyakufa.”

29. Wathi uMose: “Ukhulume kahle; angisayikubuye ngibone ubuso bakho.”

U-Eksodusi 10