U-Eksodusi 1:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.

6. UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.

7. Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.

8. Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa.

9. Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi;

10. masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”

U-Eksodusi 1