5. Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.
6. UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.
7. Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.
8. Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa.
9. Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi;
10. masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”