2. ngoRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda,
3. no-Isakare, noZebuloni, noBenjamini,
4. noDani, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
5. Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.
6. UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.
7. Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.
8. Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa.