14. Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.
15. Inkosi yaseGibithe yakhuluma kubabelethisi bamaHeberukazi, igama lomunye wabo linguShifira, elomunye linguPhuwa,
16. yathi: “Nxa nibelethisa amaHeberukazi, niwabona esesihlalweni sokubeletha, uma kuyindodana, anoyibulala, kepha uma kuyindodakazi, izakuphila.”