U-Eksodusi 1:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lawa angamagama amadodana ka-Israyeli afika eGibithe noJakobe; yileyo naleyo yafika nomuzi wayo:

2. ngoRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda,

3. no-Isakare, noZebuloni, noBenjamini,

4. noDani, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

5. Bonke abantu abaphuma okhalweni lukaJakobe babe ngabantu abangamashumi ayisikhombisa; uJosefa wayeseGibithe.

6. UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane.

U-Eksodusi 1