6. Baphuza imikhele yewayini,bazigcoba ngamafutha amahle,kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
7. Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.
8. INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”
9. Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.
10. Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”
11. Ngokuba bhekani,uJehova uyayaleza:uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu,nendlu encane ibe yizingcezu.
12. Amahhashi ayagijima emadwaleni,kulinywa elwandle ngezinkabi, na?Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu,nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,
13. nina enithokoza ngento engelutho,nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”
14. “Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti;“bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamatikuze kube semfuleni wase-Araba.”