U-Amose 6:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Bahaya ngomsindo wogubhu,baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.

6. Baphuza imikhele yewayini,bazigcoba ngamafutha amahle,kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.

7. Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.

8. INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”

9. Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.

10. Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”

11. Ngokuba bhekani,uJehova uyayaleza:uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu,nendlu encane ibe yizingcezu.

U-Amose 6