U-Amose 6:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Balele emibhedeni yophondo lwendlovu,bacambalala ezinkukhweni zabo;badla amawundlu omhlambinamathole avela phakathi kwesibaya.

5. Bahaya ngomsindo wogubhu,baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.

6. Baphuza imikhele yewayini,bazigcoba ngamafutha amahle,kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.

7. Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.

8. INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”

U-Amose 6