U-Amose 4:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yizwani leli zwi,nina zinkomo zaseBashanienisentabeni yaseSamariya,enicindezela abaphansi,enichoboza abampofu,enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

2. INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayoukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlelalapho niyakususwa ngezingwegwe,nabaseleyo kini ngezindobo.

3. Niyakuphuma emifantwini,kube yilowo nalowo ngoqondene naye,nilahlwe eHermoni,” usho uJehova.

4. “Wozani eBethele, niphambeke,naseGiligali, nandise iziphambeko,nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo,nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

5. nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo,nimemezele iminikelo yesihle,niyizwakalise,ngokuba nithanda kanjalo,bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.

6. “Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonkenokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu,kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

7. “Futhi ngagodla kini imvula,kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe,ngalinisa phezu komunye umuzi,komunye umuzi angilinisanga;esinye isiqephu saniselwa,nesiqephu esinganiselwanga sasha.

U-Amose 4