U-Amose 1:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wathi:“UJehova uyaduma eseSiyoni,ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;amadlelo abelusi ayakulila,nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”

3. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.

4. Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

5. Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,nginqume abakhileyo eBikati Aveni,nophethe intonga eBeti Edene,abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.

6. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyoukuba babakhaphele ku-Edomi.

7. Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,uqede izindlu zalo zamakhosi.

8. Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi,nophethe intonga e-Ashikeloni,ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.

9. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi,bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

U-Amose 1