Ngokukamathewu 9:35-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

36. Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.

37. Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.

38. Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

Ngokukamathewu 9