25. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana.
26. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.
27. Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”
28. Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”
29. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”
30. Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”
31. Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.
32. Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni.
33. Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.”