Ngokukamathewu 9:22-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

23. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo,

24. wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.

25. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana.

26. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.

27. Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”

28. Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”

29. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”

30. Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”

31. Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.

32. Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni.

Ngokukamathewu 9