Ngokukamathewu 8:9-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”

10. UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.

11. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu,

12. kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

13. UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.

14. UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane.

15. Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.

16. Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,wathwala izifo zethu.”

Ngokukamathewu 8