Ngokukamathewu 8:29-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

30. Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.

31. Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.”

32. Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini.

33. Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.

Ngokukamathewu 8