Ngokukamathewu 8:18-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.

19. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”

20. UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

21. Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”

22. Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”

23. Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.

24. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.

25. Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”

26. Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.

27. Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”

28. Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.

29. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

30. Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.

31. Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.”

32. Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini.

33. Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.

Ngokukamathewu 8