Ngokukamathewu 8:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,wathwala izifo zethu.”

18. Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.

19. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”

20. UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

21. Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”

22. Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”

23. Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.

24. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.

25. Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”

26. Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.

Ngokukamathewu 8