Ngokukamathewu 8:14-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane.

15. Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.

16. Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,wathwala izifo zethu.”

18. Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.

19. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”

20. UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

21. Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”

22. Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”

23. Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.

24. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.

25. Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”

26. Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.

27. Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”

28. Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.

29. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

Ngokukamathewu 8