10. UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.
11. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu,
12. kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
13. UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.
14. UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane.
15. Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.
16. Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,
17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,wathwala izifo zethu.”
18. Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.
19. Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
20. UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”