Ngokukamathewu 8:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi.

2. Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”

3. Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe.

4. UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

5. Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi:

6. “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.”

Ngokukamathewu 8