Ngokukamathewu 6:5-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

6. Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

7. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.

8. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye.

9. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:“ ‘Baba wethu osezulwini,malingcweliswe igama lakho;

10. mawufike umbuso wakho;mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;

11. usiphe namuhla isinkwa sethusemihla ngemihla;

12. usithethelele amacala ethu,njengalokhu nathi sibathethelelaabanecala kithi;

13. ungasingenisi ekulingweni,kodwa usikhulule kokubi;ngokuba umbuso ungowakho,namandla, nenkazimulo,kuze kube phakade. Amen.’

14. “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.

15. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

16. Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

17. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,

18. ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

19. “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.

20. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.

21. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

Ngokukamathewu 6