Ngokukamathewu 5:38-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’

39. Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

40. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.

41. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.

42. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.

43. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’

44. Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo

45. ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.

46. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?

Ngokukamathewu 5