38. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’
39. Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
40. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.
41. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.
42. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
43. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
44. Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
45. ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
46. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?