Ngokukamathewu 5:36-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.

37. Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

38. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’

39. Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

40. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.

41. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.

42. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.

43. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’

Ngokukamathewu 5