Ngokukamathewu 5:35-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.

36. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe nokuba lube mnyama.

37. Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

38. “Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’

39. Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.

40. Nofuna ukukumangalela, akwamuke ingubo, mnike nejazi.

41. Nosuka ekucindezela ukuba uhambe imayela* libe linye, hamba naye abe mabili.

42. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.

43. “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’

44. Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo

45. ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.

46. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?

Ngokukamathewu 5