26. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi* lokugcina.
27. “Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’
28. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
29. Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
30. Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
31. “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’
32. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.
33. “Nizwile futhi kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’
34. Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu,