Ngokukamathewu 5:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.

19. Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.

20. Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.

21. “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.’

22. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.

Ngokukamathewu 5