1. Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye.
2. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:
3. “Babusisiwe abampofu emoyeni,ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
4. Babusisiwe abakhalayo,ngokuba bayakududuzwa.
5. Babusisiwe abamnene,ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
6. Babusisiwe abalambele,bomele ukulunga,ngokuba bayakusuthiswa.
7. Babusisiwe abanesihawu,ngokuba bayakuhawukelwa.