Ngokukamathewu 5:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye.

2. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:

3. “Babusisiwe abampofu emoyeni,ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

4. Babusisiwe abakhalayo,ngokuba bayakududuzwa.

5. Babusisiwe abamnene,ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.

6. Babusisiwe abalambele,bomele ukulunga,ngokuba bayakusuthiswa.

7. Babusisiwe abanesihawu,ngokuba bayakuhawukelwa.

Ngokukamathewu 5