5. Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,
6. wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,zikuthwale ngezandla,ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
7. UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8. USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
9. wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
10. Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
11. USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
12. Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13. Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14. ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15. “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetalingaselwandle ngaphesheya kweJordani,iGalile labezizwe,
16. isizwe esasihlezi ebumnyamenisibonile ukukhanya okukhulu,nababehlezi ezweni nasethunzini lokufakuphumele kubo ukukhanya.”
17. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”