Ngokukamathewu 4:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

2. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

3. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”

4. Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

5. Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,

6. wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,zikuthwale ngezandla,ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”

7. UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”

8. USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;

9. wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”

Ngokukamathewu 4