Ngokukamathewu 4:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

2. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

3. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”

4. Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

Ngokukamathewu 4