Ngokukamathewu 3:7-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?

8. Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.

9. Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.

Ngokukamathewu 3