Ngokukamathewu 3:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”

13. Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye.

14. Kepha uJohane wamalela wathi: “Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?”

15. UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.

16. UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe.

17. Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”

Ngokukamathewu 3