1. Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi:
2. “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”
3. Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi:“Izwi lomemezayo ehlane, lithi:‘Lungisani indlela yeNkosi,nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”
4. Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.
5. Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani,
6. babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.
7. Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?
8. Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
9. Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.