Ngokukamathewu 28:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.

2. Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.

3. Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane.

4. Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo.

5. Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;

6. kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.

7. Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.”

Ngokukamathewu 28