Ngokukamathewu 27:49-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

49. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”

50. UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

51. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;

52. amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;

53. baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.

Ngokukamathewu 27