Ngokukamathewu 27:48-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

48. Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.

49. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”

50. UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

51. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;

52. amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;

Ngokukamathewu 27