4. wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.”Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”
5. Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.
6. Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.”
7. Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi.
8. Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla.
9. Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;
10. bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.”
11. Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”UJesu wathi kuye: “Usho khona.”
12. Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho.
13. Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?”
14. Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.
15. Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda.
16. Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba.
17. Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?”
18. Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.