39. Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo,
40. bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”
41. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi:
42. “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.
43. Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”
44. Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.
45. Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
46. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
47. Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”
48. Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.
49. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”
50. UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
51. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;