Ngokukamathewu 27:38-50 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo.

39. Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo,

40. bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”

41. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi:

42. “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.

43. Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”

44. Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.

45. Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.

46. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

47. Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”

48. Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.

49. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”

50. UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

Ngokukamathewu 27