Ngokukamathewu 27:29-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”

30. Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.

31. Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.

32. Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.

33. Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda,

34. amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza.

35. Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho;

36. ahlala amlinda khona.

37. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.

38. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo.

39. Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo,

40. bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”

41. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi:

42. “Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.

43. Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”

44. Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.

45. Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.

46. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

Ngokukamathewu 27