Ngokukamathewu 27:23-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?”Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”

24. UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”

25. Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”

26. Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

27. Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke.

28. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu,

29. aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”

30. Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe.

31. Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.

32. Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.

33. Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda,

34. amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza.

35. Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho;

36. ahlala amlinda khona.

Ngokukamathewu 27